6. Ngubani ongema ebusweni bentukuthelo yakhe na?Ngubani ongema ekufuthekeni kolaka lwakhe na?Ukufutheka kwakhe kuthululiwe njengomlilo,namadwala ayaqhekezeka phambi kwakhe.
7. UJehova muhle, uyinqaba ngosuku lwenhlupheko,uyabazi abaphephela kuye.
8. Kepha ngesikhukhula esiphuphumayouyakuqeda indawo yakhona,axoshele izitha zakhe ebumnyameni.
9. Enikucebayo ngoJehova uyakuqeda yena;ukuhlupheka akuyikuvela ngokwesibili.
10. Lapho bethandela njengameva,benjengabaminzileyo ophuzweni lwabo,bayakuqedwa nokuqedwa njengamabibi omileyo.
11. Kuphume kuwe owamcebela uJehova okubi,wanika isiluleko esibi.
12. Usho kanje uJehova, uthi:“Noma benamandla, futhi bebaningi,nokho bayakuqedwa, banyamalale;noma ngikuhluphile,angisayikukuhlupha.