UJehova wephuza ukuthukuthela,mkhulu ngamandla,akenzi onecala abe msulwa;uJehova unendlela yakhe esivunguvungwini nasesiphephweni,namafu ayibhuqu lezinyawo zakhe.