10. Lapho bethandela njengameva,benjengabaminzileyo ophuzweni lwabo,bayakuqedwa nokuqedwa njengamabibi omileyo.
11. Kuphume kuwe owamcebela uJehova okubi,wanika isiluleko esibi.
12. Usho kanje uJehova, uthi:“Noma benamandla, futhi bebaningi,nokho bayakuqedwa, banyamalale;noma ngikuhluphile,angisayikukuhlupha.
13. Sengiyakulaphula ijoka eliphezu kwakho,ngigqabule izibopho zakho.”
14. Kepha uJehova uyalezile ngaweukuthi akusayikuhlwanyelwa okwegama lakho;endlini yawonkulunkulu bakho ngiyakunqumaizithombe ezibaziweyo nezibunjiweyo;ngiyakulungisa ithuna lakho,ngokuba awuyinto yalutho.
15. Bheka ezintabeni izinyawo zoletha izindaba ezinhle,omemezela ukuthula.Gubha imikhosi yakho, Juda,ugcwalise izithembiso zakho,ngokuba omubi akasayikudabula kuwe;unqunyiwe ngokupheleleyo.