1. Isiprofetho ngeNineve, incwadi yombono kaNahume wase-Elikoshi.
2. UJehova unguNkulunkuluoshisekelayo nophindiselayo;uJehova uyaphindisela,ugcwele ukufutheka;uJehova uphindisela kwabamelene naye,ugcinela izitha zakhe intukuthelo.
3. UJehova wephuza ukuthukuthela,mkhulu ngamandla,akenzi onecala abe msulwa;uJehova unendlela yakhe esivunguvungwini nasesiphephweni,namafu ayibhuqu lezinyawo zakhe.
4. Uyakhuza ulwandle, alomise,ashise nemifula yonke;iBashani liyawuma kanye neKarmeli,nezimbali zaseLebanoni ziyabuna.
5. Izintaba ziyathuthumela phambi kwakhe,amagquma ayancibilika;umhlaba uyaphakama ebusweni bakhe,yebo, nakho konke okuhlala kuwo.
6. Ngubani ongema ebusweni bentukuthelo yakhe na?Ngubani ongema ekufuthekeni kolaka lwakhe na?Ukufutheka kwakhe kuthululiwe njengomlilo,namadwala ayaqhekezeka phambi kwakhe.
7. UJehova muhle, uyinqaba ngosuku lwenhlupheko,uyabazi abaphephela kuye.
8. Kepha ngesikhukhula esiphuphumayouyakuqeda indawo yakhona,axoshele izitha zakhe ebumnyameni.
9. Enikucebayo ngoJehova uyakuqeda yena;ukuhlupheka akuyikuvela ngokwesibili.
10. Lapho bethandela njengameva,benjengabaminzileyo ophuzweni lwabo,bayakuqedwa nokuqedwa njengamabibi omileyo.