1. Ngubani onjengohlakaniphileyo na?Ngubani owazi ukuchasisela indaba na?Ukuhlakanipha komuntu kuyakhanyisa ubuso bakhe,nobulukhuni bobuso bakhe buyaguqulwa.
2. Ngithi: Gcina izwi lenkosingenxa yesifungo ngoNkulunkulu.
3. Ungasheshi ukusuka ebusweni bayo,ungemi endabeni embi,ngokuba yenza konke ekuthandayo.
4. Ngokuba izwi lenkosi liyabusa;ngubani ongasho kuyo ukuthi: “Wenzani na?”
5. Ogcina umyalo akayikwazi okubi:nenhliziyo yohlakaniphileyoiyakwazi isikhathi nokwahlulela,
6. ngokuba kukhona isikhathi nokwahlulela ezindabeni zonke;nokho ububi bomuntu bukhulu phezu kwakhe,
7. lokhu engazi okuyakuba khona,ngokuba ngubani ongamtshela ukuthi kuyakuba kanjani na?
8. Akukho muntu onamandla phezu komoya ukuba awuthiye,futhi akakho obusa phezu kosuku lokufa;ukukhululwa akukho empini,nobubi abunakukhulula umninibo.
9. Ngabona konke lokho, ngabeka inhliziyo yami kuyo yonke imisebenzi eyenziwa phansi kwelanga ngesikhathi lapho umuntu ebusa omunye kube ngukulimala kwakhe.