Umshumayeli 6:3-12 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

3. Uma umuntu ezala abantwana abayikhulu, ehamba iminyaka eminingi, zibe ziningi izinsuku zeminyaka yakhe, kodwa umphefumulo wakhe ungasuthi ngokuhle, futhi angabi nakumbelwa, ngithi okuphuphumileyo kungcono kunaye,

4. ngokuba kufika ngeze, kumuke ebumnyameni, igama lakho lisitshekelwa ngubumnyama.

5. Nelanga akulibonanga, akwazi lutho; khona kunokuphumula kunaye.

6. Yebo, noma ephila iminyaka eyinkulungwane ephindwa kabili, engaboni okuhle, abayi bonke endaweni inye na?

7. Wonke umshikashika womuntu wenzelwa umlomo wakhe,nokho iphango alaneliswa.

8. Ngokuba ohlakaniphileyo udluleleni isiwula,nompofu okwazi ukuhamba phambi kwabaphilileyounantoni na?

9. Kungcono ukubona kwamehlokunokuzulazula kwesifiso;nalokhu kuyize nokufuna umoya.

10. Okukhona kwake kwabizwa ngegama;kwaziwa ukuthi umuntu uyakuba yini;akanakwahlulelana nonamandla kunaye.

11. Lokhu kukhona amazwi amaningiakwandisa okuyize,umuntu unanzuzoni na?

12. Ngokuba ngubani okwaziyo okuhle okuyakuba ngokomuntu ekuhambeni kwakhe zonke izinsuku zokuhamba kwakhe okuyize aziqedayo njengesithunzi na? Ngubani ongatshela umuntu okuyakuba semva kwakhe phansi kwelanga na?

Umshumayeli 6