Umshumayeli 12:11-14 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

11. Amazwi abahlakaniphileyo anjengezincijo, nezigaba zawo zinjengezipikili ezinamatheleyo, ephiwe nguMalusi munye.

12. Kepha phezu kwalana, ndodana yami, mawuxwaye; ukwenza izincwadi eziningi akunakuphela, nokufunda okuningi kukhathaza umzimba.

13. Nakhu ukuphela kwendaba,lapho sekuzwakele konke:Mesabe uNkulunkulu,ugcine imiyalo yakhe,ngokuba lokho kungokwabantu bonke.

14. Ngokuba uNkulunkulu uyakuyisauyakuyisa yonke imisebenziekwahlulelweni kanye nakho konkeokufihliweyo, noma kuhle noma kubi.

Umshumayeli 12