Umshumayeli 12:1-3 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

1. Futhi khumbula uMdali wakhoemihleni yobusha bakho,zingakafiki izinsuku ezimbi,ingakasondeli iminyaka osho ngayo ukuthi:“Angithokozi ngayo;”

2. yebo, lingakabi mnyama ilanga,nokukhanya, nenyanga,nezinkanyezi, namafu engakabuyi emva kwemvula,

3. ngalolo suku lapho abalindi bendlu beyakuthuthumela,amadoda anamandla agobe,abasilikazi bayeke ngokuba beyingcosana,abalunguza emafasiteleni bafiphazelwe,

Umshumayeli 12