Umshumayeli 1:6-15 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

6. Umoya uya ngaseningizimu,uzungeze, uye ngasenyakatho;uzungazungeza njalo ekuhambeni kwawo,nasekuzungezeni kwawo umoya uyabuyela.

7. Yonke imifula iyangena elwandle,kepha ulwandle alugcwali;endaweni eya kuyo imifula,ibuye iye khona njalo.

8. Zonke izinto ziyakhandleka,akakho ongakuphimisa;iso alisuthi ngokubona,nendlebe ayigcwali ngokuzwa.

9. Okwake kwaba khona yikho okuyakuba khona,nokwake kwenziwa yikho okuyakwenziwa;akukho okusha phansi kwelanga.

10. Kukhona yini into okuthiwa ngayo:“Bheka, intsha le.”Yayikhona nasemandulo ayengaphambi kwethu.

11. Akukho ukukhunjulwa kwase bephelile,nabalandelayo abayakufika abayikukhunjulwa nabophakathi kwabalandela bona.

12. Mina Mshumayeli ngangiyinkosi phezu kuka-Israyeli eJerusalema.

13. Nganikela inhliziyo yami ukufuna nokuvivinya ngokuhlakanipha konke okwenziwa phansi kwezulu; kungumshikashika omubi uNkulunkulu awunikile amadodana abantu ukuba awushikashike.

14. Ngiyibonile yonke imisebenzi eyenziwayo phansi kwelanga; bheka, konke kuyize nokufuna umoya.

15. Okuyisigwegwe akunakuqondiswa, nokungekho akunakubalwa.

Umshumayeli 1