Umshumayeli 1:4-11 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

4. Isizukulwane siyamuka,isizukulwane siyeza,kepha umhlaba umi phakade.

5. Ilanga liyaphuma, ilanga liyashona,lishesha ukuya endaweni yalo lapho liphuma khona.

6. Umoya uya ngaseningizimu,uzungeze, uye ngasenyakatho;uzungazungeza njalo ekuhambeni kwawo,nasekuzungezeni kwawo umoya uyabuyela.

7. Yonke imifula iyangena elwandle,kepha ulwandle alugcwali;endaweni eya kuyo imifula,ibuye iye khona njalo.

8. Zonke izinto ziyakhandleka,akakho ongakuphimisa;iso alisuthi ngokubona,nendlebe ayigcwali ngokuzwa.

9. Okwake kwaba khona yikho okuyakuba khona,nokwake kwenziwa yikho okuyakwenziwa;akukho okusha phansi kwelanga.

10. Kukhona yini into okuthiwa ngayo:“Bheka, intsha le.”Yayikhona nasemandulo ayengaphambi kwethu.

11. Akukho ukukhunjulwa kwase bephelile,nabalandelayo abayakufika abayikukhunjulwa nabophakathi kwabalandela bona.

Umshumayeli 1