5. Ningamethembi umngane,ningakholwa ngumhlobo;gcina iminyango yomlomo wakho kuye olala ngasesifubeni sakho.
6. Ngokuba indodana idelela uyise;indodakazi ivukela unina;umalokazana uvukela uninazala,nezitha zomuntu ngamadoda endlu yakhe.
7. Kepha mina ngiyakumbheka uJehova;ngiyakulindela uNkulunkulu wokusindiswa kwami;uNkulunkulu wami uyakungizwa.
8. Ungathokozi ngami, sitha sami;ngokuba uma ngiwile, ngiyakuvuka;lapho ngihlezi ebumnyameni,uJehova uzakuba ngukukhanya kwami.
9. Ngiyakuthwala ulaka lukaJehova,ngokuba ngonile kuye,aze amele indaba yami,angenzele ukwahlulelwa,angiphumisele ekukhanyeni,ngibone ukulunga kwakhe.