9. Izwi likaJehova liyamemeza kuwo umuzi.Ukwesaba igama lakho ngukusindiswa;zwanini induku noyimisileyo.
10. Kusekhona inzuzo embi endlini yababi,ne-efa* elincane eliqalekiswayo, na?
11. “Ukhona ohlanzekile onesilinganiso esibinesikhwama sezisindo ezikhohlisayo na?
12. “Abacebileyo bawo bagcwele ubudlova,nabakhileyo kuwo bakhuluma amanga,nolimi lwabo lunenkohliso emlonyeni wabo.