Umika 6:7-9 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

7. UJehova uyakwenamela izinkulungwane zezinqamanezinkulungwane eziyishumi zemifula yamafutha na?Ngiyakunika izibulo lami ngenxa yesiphambeko sami,isithelo sesisu sami ngenxa yesono senhliziyo yami, na?

8. Ukutshelile, muntu, okuhle;uJehova ufunani kuwe,kungabi ngukwenza ukulunga kuphela nokuthanda umusa,uhambe noNkulunkulu wakho ngokuthobeka, na?

9. Izwi likaJehova liyamemeza kuwo umuzi.Ukwesaba igama lakho ngukusindiswa;zwanini induku noyimisileyo.

Umika 6