Umalaki 3:4-8 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

4. Isiyakuba mihle kuJehova iminikelo yakwaJuda neyeJerusalema njengasezinsukwini zasendulo naseminyakeni yakuqala.

5. “Ngiyakusondela kini ukwahlulela, ngibe ngufakazi osheshayo ngabalumbi, nangeziphingi, nangabafunga amanga, nangabacindezela abaqashwa ngenkokhelo yabo, nabafelokazi, nezintandane, nabachezukisa abafokazi, bengangesabi mina,” usho uJehova Sebawoti.

6. “Ngokuba mina Jehova angiguquki; ngalokho nina madodana kaJakobe aniqedwa.

7. Kusukela emihleni yawoyihlo nichezukile ezimisweni zami, anizigcinanga. Buyelani kimi, ngiyakubuyela kini,” usho uJehova Sebawoti.“Nokho nithi: ‘Siyakubuyela kanjani?’

8. “Umuntu angaphanga uNkulunkulu na? Nokho niyangiphanga.“Bese nithi: ‘Sikuphange kanjani na?’“Ngokweshumi nangeminikelo.

Umalaki 3