Ulevitikusi 9:15-22 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

15. Wayeseletha umnikelo wabantu, wathatha impongo yomnikelo wesono ongowabantu, wayihlaba, wanikela ngayo ngenxa yesono njengowokuqala.

16. Waletha umnikelo wokushiswa, wanikela ngawo njengokwesimiso.

17. Wayeseletha umnikelo wempuphu, wagcwalisa isandla sakhe ngawo, wawushisa e-altare ngaphandle komnikelo wokushiswa wasekuseni.

18. Wahlaba inkunzi nenqama, zibe ngumhlatshelo weminikelo yokuthula ongowabantu; amadodana ka-Aroni aletha kuye igazi owafafaza ngalo i-altare nxazonke,

19. namanoni enkunzi nawenqama, nomsila ononileyo, nalawo asibekela izibilini, nezinso, namanoni esibindi,

20. abeka amanoni phezu kwezifuba; wawashisa amanoni e-altare;

21. izifuba nomlenze wokunene wakuzulisa, kube ngumnikelo wokuzuliswa phambi kukaJehova, njengalokho uMose eyalile.

22. U-Aroni waphakamisela izandla zakhe kubantu, wababusisa; wayesehla ekunikeleni ngomnikelo wesono nangomnikelo wokushiswa nangeminikelo yokuthula.

Ulevitikusi 9