10. kepha amanoni nezinso namanoni aphezu kwesibindi emnikelweni wesono wakushisa e-altare, njengalokho uJehova emyalile uMose.
11. Inyama nesikhumba wakushisa ngomlilo ngaphandle kwekamu.*
12. Wawuhlaba umnikelo wokushiswa; amadodana ka-Aroni aletha kuye igazi, wafafaza ngalo i-altare nxazonke.
13. Anikeza kuye umnikelo wokushiswa izitho ngezitho kanye nenhloko, wakushisa e-altare.
14. Wahlanza izibilini namanqina, wakushisa phezu komnikelo wokushiswa e-altare.