Ulevitikusi 7:26-36 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

26. Ningadli naliphi igazi, noma ngelenyoni noma ngelenkomo, nakuyiphi yezindlu zenu.

27. Yilowo nalowo odla igazi lowo muntu uyakunqunywa kubantu bakubo.’ ”

28. UJehova wakhuluma kuMose, wathi:

29. “Yisho kubantwana bakwa-Israyeli, uthi: ‘Onikela ngomhlatshelo weminikelo yakhe yokuthula kuJehova uyakuletha umnikelo wakhe kuJehova emhlatshelweni weminikelo yakhe yokuthula;

30. izandla zakhe uqobo zilethe iminikelo yomlilo kaJehova, alethe amanoni kanye nesifuba ukuba isifuba sizuliswe, sibe ngumnikelo wokuzuliswa phambi kukaJehova.

31. Umpristi makashise amanoni e-altare, kepha isifuba sibe ngesika-Aroni nesamadodana akhe.

32. Anonika umpristi umlenze wokunene, ube ngumnikelo wokuphakanyiswa emihlatshelweni yeminikelo yenu yokuthula.

33. Lowo phakathi kwamadodana ka-Aroni onikela ngegazi leminikelo yokuthula nangamanoni koba ngowakhe umlenze wokunene, ube yisabelo sakhe.

34. Ngokuba isifuba sokuzuliswa nomlenze wokuphakanyiswa ngikuthabathe kwabakwa-Israyeli emihlatshelweni yeminikelo yabo yokuthula, ngakunika u-Aroni umpristi namadodana akhe, kube yisimiso esiphakade kwabakwa-Israyeli.’ ”

35. Leso siyisabelo sika-Aroni nesabelo samadodana akhe seminikelo yomlilo kaJehova mhla ebaletha ukuba bamkhonze uJehova esikhundleni sobupristi,

36. ayala ngakho uJehova ukuba bakuphiwe ngabantwana bakwa-Israyeli mhla ebagcoba, kube yisimiso esiphakade ezizukulwaneni zabo.

Ulevitikusi 7