16. Umpristi ogcotshiweyo alethe igazi lenkunzi etendeni lokuhlangana.
17. Umpristi uyakugcobhoza umunwe wakhe egazini, afafaze ngalo kasikhombisa phambi kukaJehova phambi kwesihenqo.
18. Uyakulibheca igazi ezimpondweni ze-altare eliphambi kukaJehova, elisetendeni lokuhlangana, athulule lonke elinye igazi ngasesinqeni se-altare lomnikelo wokushiswa elingasemnyango wetende lokuhlangana.
19. Abesethabatha kuyo onke amanoni, awashise e-altare.
20. Makenze njalo ngenkunzi; njengalokho wenza ngenkunzi yomnikelo wesono, makenze njalo nangalena. Umpristi abenzele ukubuyisana, baze bathethelelwe.
21. Uyakuyikhiphela inkunzi ngaphandle kwekamu,* ayishise, njengalokho wayishisa inkunzi yokuqala: lokhu kungumnikelo wesono webandla.
22. “ ‘Nxa kona induna, yenza kungengamabomu noma yikuphi kuyo yonke imiyalo uJehova uNkulunkulu wayo ayale ngakho ukuthi akunakwenziwa, ize ibe necala,
23. uma-ke yaziswa isono sayo eyone ngaso, iyakuletha umnikelo wayo ube yimbuzi, eyeduna elingenasici.
24. Iyakubeka isandla sayo enhloko yembuzi, iyihlabele endaweni lapho behlabela khona iminikelo yokushiswa phambi kukaJehova; kungumnikelo wesono.