Ulevitikusi 4:14-23 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

14. lapho isono abone ngaso sesaziwe, ibandla liyakunikela ngeduna libe ngumnikelo wesono, lililethe phambi kwetende lokuhlangana.

15. Amalunga enhlangano ayakubeka izandla zawo enhloko yenkunzi phambi kukaJehova, inkunzi ihlatshwe phambi kukaJehova.

16. Umpristi ogcotshiweyo alethe igazi lenkunzi etendeni lokuhlangana.

17. Umpristi uyakugcobhoza umunwe wakhe egazini, afafaze ngalo kasikhombisa phambi kukaJehova phambi kwesihenqo.

18. Uyakulibheca igazi ezimpondweni ze-altare eliphambi kukaJehova, elisetendeni lokuhlangana, athulule lonke elinye igazi ngasesinqeni se-altare lomnikelo wokushiswa elingasemnyango wetende lokuhlangana.

19. Abesethabatha kuyo onke amanoni, awashise e-altare.

20. Makenze njalo ngenkunzi; njengalokho wenza ngenkunzi yomnikelo wesono, makenze njalo nangalena. Umpristi abenzele ukubuyisana, baze bathethelelwe.

21. Uyakuyikhiphela inkunzi ngaphandle kwekamu,* ayishise, njengalokho wayishisa inkunzi yokuqala: lokhu kungumnikelo wesono webandla.

22. “ ‘Nxa kona induna, yenza kungengamabomu noma yikuphi kuyo yonke imiyalo uJehova uNkulunkulu wayo ayale ngakho ukuthi akunakwenziwa, ize ibe necala,

23. uma-ke yaziswa isono sayo eyone ngaso, iyakuletha umnikelo wayo ube yimbuzi, eyeduna elingenasici.

Ulevitikusi 4