Ulevitikusi 27:11-19 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

11. Uma kuyisilwane esingcolileyo okunganikelwa ngaso kuJehova, uyakusibeka isilwane phambi kompristi,

12. umpristi asilinganise, noma sihle noma sibi; njengalokho wena mpristi ulinganisa, kuyakuba njalo.

13. Kepha uma ethanda ngempela ukusihlenga, uyakuthasisela okwesihlanu kwaso kukho ukulinganisa kwakho.

14. “ ‘Nxa umuntu eyakungcwelisa indlu yakhe ibe ngcwele kuJehova, umpristi uyakuyilinganisa uma inhle noma imbi; njengalokhu umpristi eyilinganisa, kuyakuba njalo.

15. Uma oyingcwelisayo ethanda ukuyihlenga indlu yakhe, uyakuthasisela okwesihlanu kwemali yokulinganisa kwakho, ibe ngeyakhe.

16. “ ‘Uma umuntu eyakumngcwelisela uJehova inxenye yensimu yefa lakhe, ukulinganisa kwakho kuyakuba njengokuhlwanyelwa kwayo, ukuhlwanyelwa kwehomere* lebhali* kube ngamashekeli* angamashumi ayisihlanu esiliva.

17. Uma engcwelisa insimu yakhe kusukela emnyakeni wejubili,* iyakuma ngokulinganisa kwakho.

18. Kepha uma ungcwelisa insimu emva kwejubili,* umpristi uyakumbalela imali ngeminyaka eseleyo kuze kufike umnyaka wejubili, kuncishiswe ukulinganisa kwakho.

19. Uma ongcwelisa insimu ethanda ngempela ukuyihlenga, uyakuthasisela kuyo okwesihlanu kwemali yokulinganisa kwakho, iqiniswe kuye.

Ulevitikusi 27