44. Kepha uma kunjalo, sebekhona ezweni lezitha zabo, angiyikubalahla, nginganengwa yibo, ukuze ngibaqothule, ngisaphule isivumelwano sami nabo, ngokuba nginguJehova uNkulunkulu wabo;
45. kepha ngenxa yabo ngiyakukhumbula isivumelwano sawokhokho babo engabakhipha ezweni laseGibithe emehlweni ezizwe ukuba ngibe nguNkulunkulu wabo; nginguJehova.’ ”
46. Lezo ziyizimiso nezahlulelo nemithetho akwenzayo uJehova phakathi kwakhe nabantwana bakwa-Israyeli entabeni yaseSinayi ngesandla sikaMose.