Ulevitikusi 26:26-29 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

26. Nxa ngaphula uzime lwesinkwa, abesifazane abayishumi bayakupheka isinkwa sakho eziko linye, babuyise isinkwa senu ngesisindo; niyakudla ningasuthi.

27. “ ‘Kepha uma ningangilaleli nangazo zonke lezo zinto, kodwa nihamba niphambene nami,

28. nami ngiyakuhamba ngiphambene nani ngokufutheka, ngikushaye kasikhombisa ngezono zakho.

29. Niyakudla inyama yamadodana enu, nenyama yamadodakazi enu niyakuyidla.

Ulevitikusi 26