Ulevitikusi 26:18-27 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

18. “ ‘Kepha uma ningangilaleli nangalezo zinto, ngiyakubuye nginishaye kasikhombisa ngezono zenu.

19. Ngiyakwaphula ukuzidla kwamandla enu, ngenze izulu lenu libe njengensimbi, nomhlabathi wenu ube njengethusi.

20. Amandla enu ayakuchithwa ngeze, ngokuba izwe lakini aliyikuthela ukudla kwalo, nemithi yezwe ayiyikuthela izithelo zayo.

21. “ ‘Uma nihamba niphambene nami, ningangilaleli, ngiyakubuye nginehlisele izinhlupheko ziphindwe kasikhombisa njengezono zenu.

22. Ngiyakuthuma phakathi kwenu izilo zasendle eziyakunaphuca abantwana benu, zibulale izinkomo zenu, zininciphise, izindlela zenu zibe yihlane.

23. “ ‘Kepha uma ningaxwayiswa yimi ngalezo zinto, kodwa nihamba niphambene nami,

24. nami ngiyakuhamba ngiphambene nani, nginishaye, yebo, mina, kasikhombisa ngezono zenu.

25. Ngiyakunehlisela inkemba yempindiselo eyakuphindisela isivumelwano sami; senibuthelwe emizini yenu, ngiyakuthuma isifo phakathi kwenu, ninikelwe esandleni sesitha.

26. Nxa ngaphula uzime lwesinkwa, abesifazane abayishumi bayakupheka isinkwa sakho eziko linye, babuyise isinkwa senu ngesisindo; niyakudla ningasuthi.

27. “ ‘Kepha uma ningangilaleli nangazo zonke lezo zinto, kodwa nihamba niphambene nami,

Ulevitikusi 26