50. Uyakubalisana nalowo owamthengayo, aqale ngomnyaka owazithengisa kuye ngawo, kuze kube ngumnyaka wejubili; imali yentengiso iyakuba njengenani leminyaka; uyakuba naye njengesikhathi somqashwa.
51. Uma isasele iminyaka eminingi, njengayo uyakubuyisa intengo yokuhlengwa kwakhe emalini athengwa ngayo.
52. Uma isasele iminyaka eyingcosana kuze kufike umnyaka wejubili, uyakubalisana naye; njengeminyaka yakhe uyakubuyisa imali yokuhlengwa kwakhe.