12. Ngokuba uyijubili; uyakuba ngcwele kini, nidle izithelo zawo zasensimini.
13. “ ‘Ngalowo mnyaka wejubili niyakubuyela, kube yilowo nalowo efeni lakhe.
14. “ ‘Uma uthengisa ngotho kumakhelwane wakho noma uthenga esandleni somakhelwane wakho, ningadlani;
15. njengenani leminyaka esemva kwejubili uyakuthenga kumakhelwane wakho nanjengenani leminyaka yezithelo uyakuthengisa kuwe.
16. Ngobuningi beminyaka uyakwandisa intengo yalo nangobuncane beminyaka uyakunciphisa intengo yalo; ngokuba uthengisa kuwe ngenani lezithelo.
17. Aniyikudlana, kepha uyakwesaba uNkulunkulu wakho, ngokuba nginguJehova uNkulunkulu wakho.
18. “ ‘Ngalokho anozenza izimiso zami, nigcine izahlulelo zami, nizenze, nihlale ezweni nilondekile.
19. Izwe liyakuthela izithelo zalo, nidle nisuthe, nihlale kulo nilondekile.
20. Uma nisho ukuthi: “Siyakudlani ngomnyaka wesikhombisa? Bheka, asiyikulima, asiyikubutha ukudla kwethu,”
21. khona ngiyakuyala isibusiso sami sehlele phezu kwenu ngomnyaka wesithupha, uze uthele ukudla kweminyaka emithathu.
22. Niyakulima ngomnyaka wesishiyagalombili, nidle izithelo zikanyasa; uze ufike umnyaka wesishiyagalolunye, kungene izithelo zawo, niyakudla unyasa.
23. “ ‘Akuyikuthengiswa ngezwe kuze kube phakade, ngokuba izwe lingelami, nina-ke ningabafokazi nabagogobeleyo kimi.
24. Ezweni lonke lefa lenu niyakuvuma ukuhlengwa kwezwe.
25. “ ‘Uma umfowenu eba mpofu, athengise ngefa lakhe, kuyakufika isihlobo sakhe, sihlenge lona umfowabo athengisile ngalo.
26. Uma umuntu engenaye ongalihlenga, kodwa ebeseba ngocebileyo, athole okwanele ukulihlenga,
27. makabale iminyaka selokhu kwathengiswa ngalo, abuyisele okudluleleyo kulowo muntu athengisa kuye ngalo, aze abuyele efeni lakhe.