Ulevitikusi 24:14-19 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

14. “Mkhiphele ngaphandle kwekamu* lowo othukile; bonke abamuzwa mababeke izandla zabo ekhanda lakhe, inhlangano yonke imkhande ngamatshe.

15. Uyakukhuluma kubantwana bakwa-Israyeli, uthi: ‘Yilowo nalowo oqalekisa uNkulunkulu wakhe uyakuthwala isono sakhe.

16. Ohlambalaza igama likaJehova wobulawa nokubulawa, yonke inhlangano imkhande nokumkhanda ngamatshe; umfokazi noma owokuzalwa ekhaya, nxa ehlambalaza igama likaJehova, wobulawa.

17. “ ‘Oshaya umuntu aze afe wobulawa nokubulawa.

18. Oshaya inkomo ize ife uyakuyikhokha, kube ngukuphila ngokuphila.

19. Uma umuntu elimaza umakhelwane wakhe, njengalokho enzile yena kuyakwenziwa kanjalo kuye,

Ulevitikusi 24