1. UJehova wakhuluma kuMose, wathi:
2. “Yala abantwana bakwa-Israyeli ukuba balethe kuwe amafutha eminqumo acwengekileyo agxotshelwe ukukhanyisa, ukuba izibani zivuthe njalonjalo.
3. Ngaphandle kwesihenqo sobufakazi etendeni lokuhlangana u-Aroni uyakuzilungisa njalo phambi kukaJehova, aqale kusihlwa kuze kuse; kuyakuba yisimiso esiphakade ezizukulwaneni zenu,