Ulevitikusi 22:24-31 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

24. Aniyikunikela kuJehova ngento etheniwe ngokukhandwa noma ngokuchotshozwa noma ngokudwengulwa noma ngokunqunywa; ningenzi kanjalo ezweni lakini.

25. Aniyikwamukela esandleni sowezizwe, ninikele ngezinjalo zibe yisinkwa sikaNkulunkulu wenu, ngokuba ukonakala kwazo kukuzo, zinobulima; aniyikwamukeleka ngazo.’ ”

26. UJehova wakhuluma kuMose, wathi:

27. “Nxa kuzalwa inkunzi noma imvu noma imbuzi, iyakuhlala kunina izinsuku eziyisikhombisa; kusukela osukwini lwesishiyagalombili nangasemuva iyakwamukelwa ibe ngumnikelo womlilo kuJehova.

28. Noma kuyinkomazi noma imvukazi, aniyikuyihlaba kanye nomntwana wayo ngalusuku lunye.

29. “Nxa nihlabela uJehova umhlatshelo wokubonga, niyakumhlabela ukuba namukeleke.

30. Uyakudliwa ngalolo suku, ningashiyi lutho lwawo kuze kuse; nginguJehova.

31. “Ngalokho anogcina imiyalo yami, niyenze; nginguJehova.

Ulevitikusi 22