12. Uma indodakazi yompristi igana umfokazi, yona mayingadli emnikelweni wokuphakanyiswa wezinto ezingcwele.
13. Kepha uma indodakazi yompristi ingumfelokazi noma ingolahliweyo ingenamntwana, bese yibuyela endlini kayise njengasebusheni bayo, iyakudla isinkwa sikayise; kepha umfokazi makangasidli.
14. “ ‘Uma umuntu edla okungcwele engazi, wothasisela okwesihlanu kwakho, amnike umpristi okungcwele.
15. Abayikuhlambalaza izinto ezingcwele zabantwana bakwa-Israyeli abanikela ngazo kuJehova,
16. bangabethwesi ububi obutholisa icala, lapho bedla izinto zabo ezingcwele; ngokuba nginguJehova obangcwelisayo.’ ”
17. UJehova wakhuluma kuMose, wathi:
18. “Yisho ku-Aroni, nakumadodana akhe, nakubo bonke abantwana bakwa-Israyeli, uthi kubo: ‘Yilowo nalowo wendlu ka-Israyeli noma umfokazi kwa-Israyeli onikela ngomnikelo wakhe, noma owesithembiso sakhe noma oweminikelo yakhe yesihle, okunikelwa ngayo kuJehova ibe ngumnikelo wokushiswa,
19. ukuze namukeleke, wonikela ngeduna elingenasici lezinkomo, elezimvu noma elezimbuzi.
20. Noma yintoni enesici aniyikunikela ngayo; ngokuba aniyikwamukeleka ngayo.