6. “ ‘Nalowo muntu ophendukela kwabanamadlozi nakubathakathi ukuya kubo ukuba aphinge, ngiyakubeka ubuso bami bumelane nalowo muntu, ngimnqume kubantu bakubo.
7. “ ‘Ngalokho zingcweliseni nibe ngcwele, ngokuba nginguJehova uNkulunkulu wenu.
8. Anogcina izimiso zami, nizenze; nginguJehova oningcwelisayo.
9. “ ‘Ngokuba yilowo nalowo othuka uyise noma unina wobulawa nokubulawa; uthukile uyise noma unina; igazi lakhe liyakuba phezu kwakhe.
10. “ ‘Umuntu ophinga nomfazi womunye umuntu nophinga nomkamakhelwane wakhe, isiphingi nesiphingikazi ziyakubulawa nokubulawa.
11. “ ‘Umuntu olala nomkayise wambulile ubunqunu bukayise; bobabili bobulawa nokubulawa, igazi labo libe phezu kwabo.
12. “ ‘Uma umuntu elala nomalokazana wakhe, bobabili bobulawa nokubulawa; benzile ichilo; igazi labo malibe phezu kwabo.
13. “ ‘Uma indoda ilala nowesilisa njenganowesifazane, bobabili benzile isinengiso; bobulawa nokubulawa, igazi labo libe phezu kwabo.
14. “ ‘Uma umuntu ethatha umfazi kanye nonina, kungukonakala; bayakushiswa ngomlilo yena nabo, ukuze kungabikho konakala phakathi kwenu.
15. “ ‘Uma umuntu elala nesilwane, wobulawa nokubulawa, nisihlabe isilwane.
16. “ ‘Uma owesifazane esondela esilwaneni, alale naso, wobulala owesifazane nesilwane; bobulawa nokubulawa, igazi labo libe phezu kwabo.
17. “ ‘Uma umuntu ethatha udadewabo, indodakazi kayise noma indodakazi kanina, abone ubunqunu bakhe, naye abone ubunqunu bakhe, kuyihlazo; bayakunqunywa phambi kwabantwana babantu bakubo; wambulile ubunqunu bukadadewabo; uyakuthwala ububi bakhe.
18. “ ‘Uma umuntu elala nowesifazane onefindo lakhe, ambule ubunqunu bakhe, unqunisile umthombo wakhe, naye wambulile umthombo wegazi lakhe; bobabili bayakunqunywa kubantu bakubo.
19. “ ‘Ungambuli ubunqunu bukadadewabo kanyoko, noma obukadadewabo kayihlo, ngokuba unqunisile isihlobo sakhe; bayakuthwala ububi babo.