20. “ ‘Uma umuntu elala nomkayisekazi, wambulile ubunqunu bukayisekazi; bayakuthwala isono sabo; bayakufa beyizimpulule.
21. “ ‘Uma umuntu ethatha umkamfowabo, kungukungcola; wambulile ubunqunu bomfowabo; bayakuba yizimpulule.
22. “ ‘Ngalokho anogcina zonke izimiso zami, nazo zonke izahlulelo zami, nizenze ukuba izwe lapho nginiyisa khona ukuba nihlale kulo linganihlanzi.