Ulevitikusi 19:6-18 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

6. Uyakudliwa ngosuku lokunikela kwenu nangakusasa; uma kusele okuthile kuze kube lusuku lwesithathu, kuyakushiswa ngomlilo.

7. Uma kudliwa nokuncane ngosuku lwesithathu, kuyisinengiso; awuyikwamukeleka;

8. yilowo nalowo owudlayo uyakuthwala ububi bakhe, ngokuba udumazile okungcwele kukaNkulunkulu; lowo muntu uyakunqunywa kubantu bakubo.

9. “ ‘Nxa nivuna isivuno sezwe lakini, awuyikuvuna ngokupheleleyo emagumbini ensimu yakho, ungakhothozi umkhothozo wesivuno sakho.

10. Awuyikukhothoza isivini sakho, ungabuthi izithelo zesivini ezivuthulukileyo; wozishiyela abampofu nabafokazi; nginguJehova uNkulunkulu wenu.

11. “ ‘Ningebi, ningakhohlisani, ningaqambelani amanga.

12. “ ‘Ningafungeli igama lami amanga, uze uhlambalaze igama likaNkulunkulu; nginguJehova.

13. “ ‘Ungamcindezeli umakhelwane wakho, ungamphangi; inkokhelo yomqashwa ayiyikuhlala kuwe ubusuku bonke kuze kuse.

14. “ ‘Ungaqalekisi isithulu, ungabeki isikhubekiso phambi kwempumputhe, kepha wesabe uNkulunkulu wakho; nginguJehova.

15. “ ‘Ningenzi ukungalungi ekwahluleleni; ungakhethi ubuso bompofu, ungavuni ubuso bomkhulu, kepha wahlulele umakhelwane wakho ngokulunga.

16. “ ‘Ungahambahambi ucetheza phakathi kwabantu bakho, ungamelani nokuphila komakhelwane wakho; nginguJehova.

17. “ ‘Ungazondi umfowenu enhliziyweni yakho; ungamkhuza nokumkhuza umakhelwane wakho, kepha ungabi nasono ngaye.

18. “ ‘Ungaphindisi, ungabi namagqubu nabantwana babantu bakho, kepha wothanda umakhelwane wakho njengalokhu uzithanda wena; nginguJehova.

Ulevitikusi 19