1. UJehova wakhuluma kuMose, wathi:
2. “Yisho kubantwana bakwa-Israyeli, uthi kubo: ‘NginguJehova uNkulunkulu wenu.
3. Ningenzi njengokwemisebenzi yezwe laseGibithe enahlala kulo, ningenzi futhi njengokwemisebenzi yezwe laseKhanani enginiyisa kulo, ningahambi ngemithetho yabo.