Ulevitikusi 14:42-52 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

42. Bothabatha amanye amatshe, bawafake endaweni yalawo matshe, bathabathe olunye udaka, bayinameke indlu.

43. “Uma isifo sibuye siqhamuka endlini emva kokukhishwa kwamatshe nasemva kokuphalwa kwendlu nasemva kokunamekwa kwayo,

44. umpristi uyakungena abheke; uma isifo sandile endlini, bheka, kuluchoko olubi endlini; ingcolile.

45. Woyibhidliza, amatshe ayo namapulangwe ayo nalo lonke udaka lwendlu akukhiphe emzini, akulahle endaweni engcolileyo.

46. “Ongena endlini ngezinsuku isavaliwe uyakuba ngongcolile kuze kuhlwe.

47. Olala endlini makahlanze izingubo zakhe; nodlayo endlini makahlanze izingubo zakhe.

48. “Uma umpristi engena azobheka, isifo singandile endlini emva kokunamekwa kwendlu, bheka, khona umpristi uyakusho athi indlu ihlambulukile, ngokuba isifo sipholile.

49. Wothabatha, ukuba ahlambulukise indlu, izinyoni ezimbili nomsedari* nendwangu ebomvu nehisopi,*

50. ahlabe enye yezinyoni esitsheni sebumba phezu kwamanzi agobhozayo,

51. athabathe umsedari nehisopi nendwangu ebomvu nenyoni ezwayo, akugcobhoze egazini lenyoni ehlatshiweyo nasemanzini agobhozayo, afafaze indlu kasikhombisa,

52. ahlambulule indlu ngegazi lenyoni ezwayo nangomsedari nangehisopi nangendwangu ebomvu,

Ulevitikusi 14