Ulevitikusi 14:32-40 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

32. Lowo ungumthetho wakhe isifo sochoko esikuye, ongenakuphumelela kulokho okuqondene nokuhlambuluka kwakhe.

33. UJehova wakhuluma kuMose naku-Aroni, wathi:

34. “Kuyakuthi lapho senifikile ezweni laseKhanani engininika lona libe yifa lenu, ngifake isifo sochoko endlini yezwe eniliphiweyo,

35. umninindlu makeze amtshele umpristi, athi: ‘Kungathi kubonakele isifo endlini.’

36. Umpristi woyala ukuba bakhiphe okuphakathi endlini, engakangeni umpristi ukuyobona isifo, ukuze kungangcoli konke okusendlini, andukuba umpristi angene ukubona indlu.

37. Abesebheka ibala; uma ibala lisezindongeni zendlu, linemishwe eluhlazana noma ebomvana, libonakala lishonile kunodonga,

38. bheka, khona umpristi wophuma endlini, aye ngasemnyango wendlu, ayivale indlu izinsuku eziyisikhombisa,

39. umpristi abuye ngosuku lwesikhombisa, abheke; uma ibala landile odongeni lwendlu,

40. bheka, khona umpristi woyala ukuba bakhiphe amatshe isifo esikuwo, bawalahle endaweni engcolileyo ngaphandle komuzi;

Ulevitikusi 14