35. Kepha uma umuna wanda esikhumbeni esehlambulukile,
36. umpristi wombheka; uma umuna wandile nokwanda esikhumbeni, bheka, umpristi makangafuni izinwele ezimpofu; ungcolile.
37. Kodwa uma ngokubona kwakhe umuna umi, kumilile kuwo izinwele ezimnyama, umuna usupholile, uhlambulukile; umpristi makasho athi uhlambulukile.
38. “Nanxa owesilisa noma owesifazane enamabala akhanyayo esikhumbeni senyama yabo, amabala amhlophe akhanyayo,
39. khona umpristi wobheka; uma amabala akhanyayo asesikhumbeni senyama yabo emhloshana efiphele, bheka, kuyisithembuzane esiqhamukile.