Ulevitikusi 13:27-45 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

27. umpristi ambheke ngosuku lwesikhombisa; uma landile nokwanda esikhumbeni, umpristi uyakusho athi ungcolile; kuyisifo sochoko.

28. Uma ibala elikhanyayo limi endaweni yalo, lingandi esikhumbeni, kodwa lifiphele, kuyidunguza lesibazi; umpristi makasho athi uhlambulukile, ngokuba kuyisibanda sesibazi.

29. “Nxa owesilisa noma owesifazane enesifo ekhanda noma esilevini,

30. umpristi uyakubheka ibala; uma libonakala lishonile kunesikhumba, kube kulo izinwele ezincane ezimpofu, bheka, umpristi makasho athi ungcolile: kungumuna, kuluchoko lwekhanda noma olwesilevu.

31. Uma umpristi ebheka ibala lomuna, libonakala lingashonile kunesikhumba, kungekho zinwele ezimnyama kulo, bheka, khona umpristi uyakumvalela onesifo somuna izinsuku eziyisikhombisa,

32. ngosuku lwesikhombisa umpristi abheke isifo; uma umuna ungandile, futhi kungekho zinwele ezimpofu kuwo, umuna ubonakala ungashonile kunesikhumba,

33. bheka, uyakuziphucula, angaphuculi umuna kodwa, umpristi amvalele onomuna ezinye izinsuku eziyisikhombisa;

34. ngosuku lwesikhombisa umpristi abheke umuna; uma umuna ungandile esikhumbeni, futhi ubonakala ungashonile kunesikhumba, bheka, umpristi makasho athi uhlambulukile; makahlanze izingubo zakhe, ahlambuluke.

35. Kepha uma umuna wanda esikhumbeni esehlambulukile,

36. umpristi wombheka; uma umuna wandile nokwanda esikhumbeni, bheka, umpristi makangafuni izinwele ezimpofu; ungcolile.

37. Kodwa uma ngokubona kwakhe umuna umi, kumilile kuwo izinwele ezimnyama, umuna usupholile, uhlambulukile; umpristi makasho athi uhlambulukile.

38. “Nanxa owesilisa noma owesifazane enamabala akhanyayo esikhumbeni senyama yabo, amabala amhlophe akhanyayo,

39. khona umpristi wobheka; uma amabala akhanyayo asesikhumbeni senyama yabo emhloshana efiphele, bheka, kuyisithembuzane esiqhamukile.

40. “Uma izinwele zomuntu zisukile ekhanda lakhe, uyimpandla; uhlambulukile.

41. Uma izinwele zisukile ekhanda lakhe ngasebusweni, uyimpandla ebunzini; uhlambulukile.

42. Kepha uma kukhona empandleni esekhanda noma empandleni esebunzini isifo esimhlophe sibomvana, kuluchoko oluqhamuka empandleni esekhanda lakhe noma empandleni esebunzini lakhe.

43. Khona umpristi uyakumbheka; uma idunguza lesifo limhlophe libomvana empandleni esekhanda lakhe noma empandleni esebunzini lakhe, njengokubonakala kochoko esikhumbeni senyama,

44. bheka, ungumuntu onochoko; ungcolile; umpristi makasho athi ungcolile; isifo sakhe sisekhanda lakhe.

45. “Onochoko esikuye isifo, maziklejulwe izingubo zakhe, zithukululwe izinwele zakhe, amboze amadevu akhe, akhale athi: ‘Ngingcolile! Ngingcolile!’

Ulevitikusi 13