Ulevitikusi 13:15-23 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

15. Umpristi uyakubheka inyama ebomvu, asho athi ungcolile; inyama ebomvu ingcolile, iluchoko.

16. Uma-ke inyama ebomvu ibuye iphenduka ibe mhlophe, makaye kumpristi,

17. umpristi ambheke; uma ibala liphendukile laba mhlophe, bheka, khona umpristi uyakusho athi onesifo uhlambulukile; uhlambulukile.

18. “Nxa inyama ibinethumba esikhumbeni sayo, selaphola,

19. kube yidunguza elimhlophe endaweni yethumba noma ibala elikhanyayo, limhlophe libomvana, khona kuyakuboniswa umpristi,

20. umpristi abheke; uma libonakala lishonile kunesikhumba, uboya balo buphendukile baba mhlophe, bheka, makasho athi ungcolile: kuyisifo sochoko, siqhamukile ethumbeni.

21. Kepha uma umpristi elibheka, kungekho boya obumhlophe kulo, lingashonile kunesikhumba, kodwa lifiphele, bheka, khona umpristi uyakumvalela izinsuku eziyisikhombisa;

22. uma landa nokwanda esikhumbeni, umpristi makasho athi ungcolile; kuyisifo.

23. Kodwa uma ibala elikhanyayo limi endaweni yalo lingandi, kuyisibanda sethumba; umpristi makasho athi uhlambulukile.

Ulevitikusi 13