24. “ ‘Niyakungcoliswa yilezi: bonke abathinta izidumbu zazo bayakuba ngabangcolile kuze kuhlwe.
25. Bonke abathwala utho lwezidumbu zazo bayakuhlanza izingubo zabo, babe ngabangcolile kuze kuhlwe.
26. “ ‘Zonke izilwane ezahlukanisa inselo, zingayidabuli kabili kodwa, zingetshisi, zingcolile kini; bonke abazithintayo bayakuba ngabangcolile.
27. Nazo zonke ezihamba ngezidladla kuzo zonke izilwane ezihamba ngezinyawo ezine zingcolile kini; bonke abathinta izidumbu zazo bayakuba ngabangcolile kuze kuhlwe.
28. Othwala izidumbu zazo makahlanze izingubo zakhe, abe ngongcolile kuze kuhlwe; zingcolile kini.
29. “ ‘Lezi zingcolile kini kuzo izilwanyana ezinwabuzelayo emhlabeni: uchakide, nempuku, noxamu ngezinhlobo zakhe,
30. nesigcilikisha, nesiquzi, nentulo, nesibankwa, nonwabu.
31. Yilezo ezingcolile kini phakathi kwezilwanyana ezinwabuzelayo; bonke abazithintayo sezifile bayakuba ngabangcolile kuze kuhlwe.
32. Konke esiwela phezu kwakho esinye sazo sezifile kuyakuba ngokungcolile, noma kuyinto yomuthi noma yingubo noma yisikhumba noma yisaka noma yintoni okusetshenzwa ngayo; makufakwe emanzini, kube ngokungcolile kuze kuhlwe; khona kuyakuhlanzeka.