1. UJehova wakhuluma kuMose naku-Aroni, wathi kubo:
2. “Yishoni kubantwana bakwa-Israyeli, nithi: ‘Yilokhu okuphilayo eningakudla kuzo zonke izilwane zasemhlabeni:
3. zonke ezahlukanisa inselo, nezidabula inselo kabili, nezetshisayo kuzo izilwane, lezo ningazidla.