Ujoweli 3:4-9 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

4. “Niyini kimi, nina Tire neSidoni, nayo yonke imikhawulo yaseFilistiya na? Niyakungibuyisela utho na? Uma ningibuyisela utho ngiyakushesha ngibuyisele masinyane phezu kwekhanda lenu izenzo zenu,

5. njengalokho nithathile isiliva lami negolide lami, nangenisa izinto zami ezinhle emathempelini enu,

6. nathengisa ngabantwana bakwaJuda nangabantwana baseJerusalema kumadodana aseJavani ukuba nibadedisele kude nemikhawulo yabo.

7. “Bhekani, ngiyakubavusa endaweni enithengisile kuyo ngabo, ngibuyisele ekhanda lenu isenzo senu.

8. Ngiyakuthengisa ngamadodana enu nangamadodakazi enu esandleni sabantwana bakwaJuda, bona bathengise ngabo kumaSheba, isizwe esikude,” ngokuba uJehova ukhulumile.

9. Memezelani lokhu phakathi kwabezizwe,ningcwelise impi,niwavuse amaqhawe;mawasondele,enyuke onke amadoda empi.

Ujoweli 3