Ujoweli 2:25-29 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

25. “Ngiyakubuyisela kini iminyaka eyadliwa yisikhonyane,nezinkumbi, nenkasa, nesibotho,impi yami enkulu engayithuma phakathi kwenu.

26. Niyakudla nokudla, nisuthe,nilidumise igama likaJehova uNkulunkulu wenuoniphathe ngokumangalisayo;abantu bami abayikujabha kuze kube phakade.

27. Niyakwazi ukuthi ngiphakathi kuka-Israyelinokuthi nginguJehova uNkulunkulu wenu,akakho omunye;abantu bami abayikujabha kuze kube phakade.

28. “Kuyakuthi ngasemuva ngithulule uMoya wami phezu kwayo yonke inyama;amadodana enu namadodakazi enu ayakuprofetha,abadala benu baphuphe amaphupho,izinsizwa zenu zibone imibono;

29. naphezu kwezinceku nezincekukazi ngalezo zinsukungiyakuthulula uMoya wami.

Ujoweli 2