Ujoweli 1:11-15 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

11. Jabhani, balimi, nihhewule nina baphathi beziviningokolweni nangebhali,*ngokuba isivuno samasimu sichithakele.

12. Umvini ubunile,imikhiwane iwumile;imipomegranati,* namasundu,nemi-apula,*nemithi yonke yasendle kubunile,ngokuba intokozo ibunile phakathi kwamadodana abantu.

13. Bhincani, nikhale, bapristi,nihhewule, nina zikhonzi ze-altare;wozani nilale bonke ubusuku ezindwangwini zamasaka,zikhonzi zikaNkulunkulu wami,ngokuba iminikelo yempuphu neminikelo yokuphuzwakugodliwe endlini kaNkulunkulu wenu.

14. Ngcwelisani ukuzila ukudla,nibize umhlangano;buthani amalunga,yebo, bonke abakhe ezweni,endlini kaJehova uNkulunkulu wenu,nikhale kuJehova.

15. Hawu lolo suku!Ngokuba usuku lukaJehova lusondele,lufika njengokuchitha kuvela kuSomandla.

Ujoweli 1