Ujoshuwa 8:18-23 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

18. UJehova wathi kuJoshuwa: “Yelulela umkhonto osesandleni sakho ngase-Ayi, ngokuba ngiyakulinikela esandleni sakho.” UJoshuwa welulela-ke umkhonto osesandleni sakhe ngasemzini.

19. Abaqamekeleyo bashesha basuka endaweni yabo, bagijima lapho eselula isandla sakhe, bangena emzini, bawuthatha; bawuthungela ngomlilo masinyane.

20. Lapho amadoda ase-Ayi ebheka emva kwabo, abona, bheka, umusi womuzi wenyukela ngasezulwini; ayengenamandla ukubaleka ngalapha noma ngalapha, lapho abantu ababebalekele ngasehlane sebephendukela ababaxoshayo.

21. Ngokuba nxa uJoshuwa nabo bonke abakwa-Israyeli bebona ukuthi abaqamekeleyo bawuthathile umuzi nokuthi umusi womuzi wenyuka, base bebuyela emuva, bawabulala amadoda ase-Ayi.

22. Labo abanye baphuma emzini ukuba babahlasele baze babe phakathi kuka-Israyeli, abanye ngalapha, abanye ngalapha, bababulala, kwaze kwangasala muntu owaphunyuka, wabaleka.

23. Inkosi yase-Ayi bayibamba isaphila, bayiyisa kuJoshuwa.

Ujoshuwa 8