Ujoshuwa 8:10-20 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

10. UJoshuwa wavuka ekuseni kakhulu, wabutha abantu, wakhuphuka, yena namalunga akwa-Israyeli, phambi kwabantu, waya e-Ayi.

11. Bonke abantu bempi ayenabo bakhuphuka, basondela, baya phambi komuzi, bamisa ngasenyakatho kwase-Ayi; kwakukhona isigodi phakathi kwakhe ne-Ayi.

12. Wathatha amadoda kungathi izinkulungwane eziyisihlanu, wawaqamekelisa phakathi kweBethele ne-Ayi ngasentshonalanga komuzi.

13. Sebehleliwe abantu, lonke ibandla elalingasenyakatho komuzi nabaqamekeleyo babo ababengasentshonalanga komuzi, uJoshuwa waya ngalobo busuku phakathi kwesigodi.

14. Kwathi inkosi yase-Ayi ikubona lokho, ashesha avuka ekuseni amadoda omuzi, aphuma ukuhlasela u-Israyeli, yona nabantu bayo, endaweni enqunyiweyo ngaphambi kwehlane; yayingazi nokho ukuthi babekhona abayiqamekeleyo ngasemva komuzi.

15. UJoshuwa nabo bonke abakwa-Israyeli benza kungathi bahluliwe phambi kwabo, babaleka ngendlela eya ehlane.

16. Bonke abantu basemzini babizwa ukuba babaxoshe; bamxosha uJoshuwa, basuswa emzini.

17. Akusalanga muntu e-Ayi naseBethele ongaphumanga ukubaxosha abakwa-Israyeli, bawushiya umuzi ugengelezile, babaxosha abakwa-Israyeli.

18. UJehova wathi kuJoshuwa: “Yelulela umkhonto osesandleni sakho ngase-Ayi, ngokuba ngiyakulinikela esandleni sakho.” UJoshuwa welulela-ke umkhonto osesandleni sakhe ngasemzini.

19. Abaqamekeleyo bashesha basuka endaweni yabo, bagijima lapho eselula isandla sakhe, bangena emzini, bawuthatha; bawuthungela ngomlilo masinyane.

20. Lapho amadoda ase-Ayi ebheka emva kwabo, abona, bheka, umusi womuzi wenyukela ngasezulwini; ayengenamandla ukubaleka ngalapha noma ngalapha, lapho abantu ababebalekele ngasehlane sebephendukela ababaxoshayo.

Ujoshuwa 8