7. UJoshuwa wathi: “Maye, Nkosi Nkulunkulu! Ubaweliseleni iJordani nakanye laba bantu ukuba usinikele esandleni sama-Amori, usibhubhise, na? Sengathi nga saneliswa ukuhlala ngaphesheya kweJordani!
8. O Nkosi, ngiyakuthini, lapha abakwa-Israyeli sebefulathele izitha zabo na?
9. Ngokuba amaKhanani nabo bonke abakhileyo ezweni bayakukuzwa, basihaqe, banqume igama lethu emhlabeni; uyakwenzela ntoni igama lakho elikhulu na?”
10. UJehova wathi kuJoshuwa: “Sukuma; uweleni kanje ngobuso bakho na?
11. U-Israyeli wonile, yebo, beqile isivumelwano sami engabayala ngaso, yebo, bathathile nakukho okuqalekisiweyo, futhi bebile, baqambile amanga, bakubeka kweyabo impahla.
12. Ngalokho abantwana bakwa-Israyeli abanakuma phambi kwezitha zabo, bayafulathela izitha zabo, ngokuba sebeqalekisiwe; angisayikuba nani, uma ningachithi okuqalekisiweyo phakathi kwenu.