11. Kwathi lapho bonke abantu sebewelile baphelela, umphongolo kaJehova wawela kanye nabapristi emehlweni abantu.
12. Abantwana bakwaRubeni, nabantwana bakwaGadi, nenxenye yesizwe sakwaManase bawela behlomile phambi kwabantwana bakwa-Israyeli, njengalokho uMose ebekhulumile kubo;
13. kwawela phambi kukaJehova kungathi abayizinkulungwane ezingamashumi amane behlomele ukulwa ukuba baphume impi, baye emathafeni aseJeriko.
14. Ngalolo suku uJehova wamkhulisa uJoshuwa emehlweni abo bonke abakwa-Israyeli; bamesaba njengalokho babemesaba uMose izinsuku zonke zokuhamba kwakhe.
15. UJehova wakhuluma kuJoshuwa, wathi:
16. “Yala abapristi abathwala umphongolo wesivumelwano ukuba benyuke eJordani.”
17. UJoshuwa wayala-ke abapristi, wathi: “Yenyukani eJordani.”
18. Kwathi lapho abapristi abathwala umphongolo wesivumelwano sikaJehova sebenyuke phakathi kweJordani, amathe ezinyawo zabapristi esefike emhlabathini owomileyo, amanzi aseJordani abuyela endaweni yawo, aphuphuma lonke ugu njengakuqala.