Ujoshuwa 24:30-33 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

30. Bammbela emkhawulweni wefa lakhe eThimnati Sera elisezintabeni zakwa-Efrayimi ngasenyakatho kwentaba yakwaGahashi.

31. U-Israyeli wamkhonza uJehova zonke izinsuku zikaJoshuwa nazo zonke izinsuku zamalunga ayekhona izinsuku ezithile emva kukaJoshuwa, ayeyazi yonke imisebenzi kaJehova ayeyenzele u-Israyeli.

32. Amathambo kaJosefa akhushulwa eGibithe ngabantwana bakwa-Israyeli, bawembela eShekemi esiqeshini sezwe asithengayo uJakobe kumadodana kaHamori uyise kaShekemi ngamakesita* ayikhulu, laba ifa labantwana bakwaJosefa.

33. U-Eleyazare indodana ka-Aroni wafa; bammbela egqumeni likaFinehasi indodana yakhe, abenikiwe lona ezintabeni zakwa-Efrayimi.

Ujoshuwa 24