Ujoshuwa 24:18-26 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

18. UJehova waxosha phambi kwethu bonke abantu, nama-Amori futhi ayehlala ezweni; ngalokho nathi siyakumkhonza uJehova, ngokuba unguNkulunkulu wethu.”

19. UJoshuwa wathi kubantu: “Aninakumkhonza uJehova, ngokuba unguNkulunkulu ongcwele; unguNkulunkulu onomhawu, akayikuthethelela iziphambeko zenu nezono zenu.

20. Uma nimshiya uJehova, nikhonze onkulunkulu babezizwe, uyakuphenduka, anenzele okubi, aniqede esenenzele okuhle.”

21. Kepha abantu bathi kuJoshuwa: “Qha, ngokuba siyakumkhonza uJehova.”

22. Wayesethi uJoshuwa kubantu: “Nina ningofakazi benu bokuthi nizikhethele uJehova ukuba nimkhonze yena.”Bathi: “Singofakazi.”

23. Wathi: “Susani manje onkulunkulu babezizwe abaphakathi kwenu, nithobele izinhliziyo zenu kuJehova uNkulunkulu ka-Israyeli.”

24. Abantu bathi kuJoshuwa: “UJehova uNkulunkulu wethu siyakumkhonza, sililalele izwi lakhe.”

25. UJoshuwa wayesenza isivumelwano nabantu ngalolo suku, wabamisela isimiso nomthetho eShekemi.

26. UJoshuwa waloba lawo mazwi encwadini yomthetho kaNkulunkulu, wathatha itshe elikhulu, walimisa lapho phansi kwe-oki* elingasendlini engcwele kaJehova.

Ujoshuwa 24