Ujoshuwa 22:33-34 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

33. Leyo nto yaba nhle emehlweni abantwana bakwa-Israyeli; abantwana bakwa-Israyeli bambonga uNkulunkulu, ababe besasho ukuthi bayakukhuphuka babahlasele, bachithe izwe ababehlala kulo abantwana bakwaRubeni nabantwana bakwaGadi.

34. Abantwana bakwaRubeni nabantwana bakwaGadi balibiza i-altare ngokuthi: “Lingufakazi phakathi kwethu wokuthi uJehova unguNkulunkulu.”

Ujoshuwa 22