33. Leyo nto yaba nhle emehlweni abantwana bakwa-Israyeli; abantwana bakwa-Israyeli bambonga uNkulunkulu, ababe besasho ukuthi bayakukhuphuka babahlasele, bachithe izwe ababehlala kulo abantwana bakwaRubeni nabantwana bakwaGadi.
34. Abantwana bakwaRubeni nabantwana bakwaGadi balibiza i-altare ngokuthi: “Lingufakazi phakathi kwethu wokuthi uJehova unguNkulunkulu.”